Khuluma ulimi lwakho. Kuyilungelo lakho.
Yimuphi umsebenzi owenziwayo?
I-TISSA yenza umsebenzi wokutolika ngocingo ukuze kube lula ukufinyelela kuyo yonke imisebenzi kaHulumeni kuzona zonke izakhamuzi.
Kungani i-TISSA yenza lo msebenzi?
ITISSA yelula amalungelo okuthuthukisa ulimi nokukhuthaza ukusetshenziswa kwazo zonke izilimi zendabuko ezisemthethweni.
Umphakathi ungakwazi ukucela imisebenzi kahulumeni ngolimi lwawo lwebele?
Yebo, inqobo nje uma kungulimi lwendabuko olusemthethweni.
Ingabe ulimi lokukhuluma ngezandla lwabantu abangezwa lufakiwe?
Yebo, abantu abangezwa bayothola izinga elifanayo lomsebenzi njenganoma yimuphi umuntu ozwayo. Izindawo zokusebenzela zisezikhungweni zikazwelonke ezinkulu.
Usebenza kanjani lo msebenzi?
Umsebenzi uhlinzeka ngotolika ozohumusha isicelo sakho.
Ngizokwazi kanjani ukuthi umnyango kahulumeni ungangisiza yini?
Kuzoba nezimpawu ezizokhombisa ehhovisi likahulumeni ukuthi imisebenzi yokutolika iyatholaka.
Uma ihhovisi likahulumeni lingalukhombisi uphawu lwe-TISSA, ngisangawucela lo msebenzi?
Yebo, ungawucela lo msebenzi, kuphela nje uma abasebenzi bekwazi ukuwusebenzisa.
Uzongisiza kanjani mina lo msebenzi?
Utolika oqeqeshwe kahle uzokusiza kanye nesisebenzi sikahulumeni ukuthi sibe nolwazi olulungile.
Unelungelo lokukhuluma ulimi lwakho. Uhulumeni uyosiza ekuvaleni noma yimaphi amagebe okuxhumana akhona.
Khuluma ulimi lwakho, kuyilungelo lakho.
Umsebenzi wokutolika ngocingo ukhona lapha.
Ukutolika ngocingo kukhona lapha.
